Ad1

Tuesday 31 January 2012

Phansi ngezahluleki phansi!!!!

Abanye babantu abavame ukukhuluma noma ukubhala kabi  ngabasakazi/ngomsakazo kusuke kungabantu abakade bezama ukungena emisakazweni behluleka.Iningi labo liyaziwa nje ukuthi uma kunenhlolokhono uzomfica ezimisele nesudu yakhe engamlingani namaqhokisi amaxakayo uma ehamba.Kuningi abaye bakwenze ukuzama ukwandisa amathuba okuphumelela kuma interview esingeke sakuphawula la.AmaCV abo  agcwele emisakazweni emkhulu nemncane ezweni lonke.Bayazama bayehluleka.Indlela umuntu akhuluma kabi ngomsakazo ungaz’ufunge ukuthi uma enikwa umsebenzi uzowunqaba…Amagama ngizowagodla ngoba angisona isiphoxi.

Mfowethu ukusho kanjani  ukuthi umuntu uhlulwe ukusakaza esesakaze iminyaka  ungakaze wena uphumelele neyodwa inhlolokhono emisakazweni?....isiZulu sithi :Indlela ibuzwa kwabaphambili….HATER..(to be continued)


No comments:

Post a Comment